Zulu
Home /  Amasiko akwaCele

[V.B. NHLUMAYO, ABAKWACELE - UMQULU WOKUQALA, UMSINSI PRESS]

Yileso naleso sizwe sinamasiko aso. Isizwe siphila ngawo amasiko abathi bawaphiwa nguMvelinqangi. AbakwaCele nabo banawo amasiko abo. Amanye awo asadlulelwa yisikhathi, kanti amanye basabambelele kuwo ngoba bekholwa ngukuthi izinyanya ziyabajezisa uma bengasawagcini.

Izibongo zamakhosi


Ubumbongi abufundelwa esikoleni. Umuntu uzalwa naso lesi sipho esibaluleke kangaka. Imbongi yakomkhulu ebongela amakhosi kukholakala ukuthi yehliselwa lesi sipho ngamakhosi amadala asalala kobandayo. Ngakho-ke imbongi iba nezigigaba ezithile ezenzeka yona ibe isiba nekhono lokuqamba izibongo.

Ake sibone umucu owodwa ezibongweni zeNkosi uManzolwandle;
“UNkonka wefusi omancisholo
Okhaba ngazo zozibili!”
Imbongi imfanisa nenyamazane edla kahle, esuthayo futhi ekhuluphele. Okusobala ukuthi wabe eyindoda eyondlekile kodwa enezitho enemilenze ecijile. Wayengahambisani nezinto eziphambene nombono wakhe. Wayezikhahlela kude. Ngokwenkolo yamaCele uma imbongi ibongela inkosi ebusayo, akufanele iqale ukubongela, kepha kuhle iqale ngamakhosi amadala khona ezovuka lapho elele khona abheke inkosi leyo. Kufanele imbongi isho ukuthi ngezeyiphi inkosi eseyakhothama lezo zibongo ezihayayo.
Kuzokhumbuleka phela ukuthi yimbongi yodwa enelungelo lokusho izinto ezingakhulunywa ngabantu phaqa. Lowo muntu okhuluma ngezinto ezenziwe noma ezivelele inkosi wayesiwa kwagoqanyawo.

1. Ukulilela amabele


Isizwe samaCele sinezinto namasiko aso acishe afane namaZulu kanye namaThonga.

Isiko lokulilela amabele yisiko elidala kakhulu nakuba namuhla seliya ngokuncipha. Kwezinye izindawo laziwa njengo Nomkhubulwana kanti kwezinye izindawo laziwa njengeNsimu yakoMkhulu.

Esizweni sakwaCele laziwa njengeNsimu yakoMkhulu. Le nsimu bakholelwa wukuthi ilindwa yiNkosazana yaseZulwini okuyiyona epha abantu ukudla. Ukuze isizwe sibe nokudla okuningi kufanele izintombi ziziphathe kahle, zigcine ubuntombi bazo.

Kwakunensimu okwakuthi uma izolinywa kuphume izintombi ziphethe imbewu kanye notshwala. Imbewu lena izohlwanyelwa bese kufafazwa ukhamba lotshwala, ngesinye isikhathi emva kokulima bushiywe ukhamba lunotshwala khona kuzokudla umlimi wensimu ukuze kube nesivuno esihle. Nalapho ihlakulwayo kuza zona izintombi zizohlakula insimu yeNkosazane eNkulu yaseZulwini.

Kwakuba khona usuku oluqokwayo lapho ummbila usulungele ukudliwa. Izintombi zonke zaziphuma emakhaya ziyozila ukudla ezintabeni. Yilapho zazizila, zilile, zikhuleke, zikhalele ubuntombi bazo. Ukukhala nokulila zazikwenzela ukuthi inkosazane yaMaZulu izizwele.

Zazibuya entabeni emini ziye emfuleni, zibambe okungamantombazanyana amathathu amancane, ziwagqibe ngesihlabathi kuvele amakhanda kuphela. Amantombazanyana azokhala kakhulu. Ukukhala kwamantombazanyana, kuzokwenza ukuba nazo izintombi zilile kakhulu, zikhuleke ukuze iNkosazane yamaZulu izozizwela. Amantombazanyana lawa amancane akhala wona ngoba ethukile futhi esaba ebona sengathi aseyabulawa.

Uma izintombi ezindala sezenelisiwe, ziyawambulula amantombazanyana ukuba akhululeke, abuyele emakhaya.

Lapho sekukhona ilanga, ukulila kudlulile izintombi ziyageza emfuleni, zibuyele emakhaya kuphuzwe utshwala, kudliwe nokudla. Intombi engazihlanganisanga nalomkhuba yayenziwa isilo sengubo ngezinye izintombi.

Leli siko alisagcinwa ngokupheleleyo ngoba nakhu abantu sebaphenduka baba amalulwane , sebegcina amasiko ezizwe eziningi.
Amasimu akomkhulu akhona kodwa alinywa ngabantu besigodi, behlanganyele kukho konke. Isivuno sakhona silethwa komkhulu ngoba yiso esondla lawa madoda ahlala eduze nenkosi. Yingakho izihambi zazidlula komkhulu ngoba kuthiwa ukudla akupheli komkhulu.

2. Isiko lokugcaba umntwana


Akuzona zonke izizwe ezigcaba umntwana ngaphandle kokuba egula bese kuba yinyanga emgcabayo futhi imnikeze neminye imishanguzo eqondene nesifo leso.

Akuqondakali kahle ukuthi abakwaCele bona balithola kuphi, kanjani. Leli siko lenziwa uma umntwana eseqede unyaka ikakhulukazi esekwazi ukuzihambela.

Uma kuzokwenziwa leli siko kugaywa utshwala ekhaya, kuhlatshwe imbuzi noma inkomo ukuze kucelwe kwaba phansi ukuba bamphathe kahle umntwana. Kuba kulelo nalelo khaya ukuba libe nomuntu onesandla esingezukwenza ukuba izinhlanga zibhibhe noma zivuvukale. Bayagwenywa abantu abanjalo.

Ogcabayo usebenzisa insingo ehlanzekile engezufaka ushevu emanxebeni. Izinhlanga lezi ziba zincane khona okuyokuthi uma esekhulile zingabonakali kalula.

3. Isiko lokuganiselana


Leli siko lisagcinwa kakhulu ngabantu bakwaCele baseHlabathi ngaseLusikisiki. Insizwa noma ingaba yisoka elinjani kodwa kubakhona intombi ebonwa nguyise ukuthi le ifanele ukuhamba emabaleni asekhaya njengomalokazana. Uyise wensizwa usuke eselungise konke okungase kubizwe ngumlingani wakhe. Intombi leyo iyathwalwa noma iqhutshwe yizinsizwa ziyise kubo kansizwa. Ngakusasa izobuzwa-ke insizwa ukuthi iyayifuna yini le ntombi ebonwe ngumzali ukuba ibe ngumkayo. Uma insizwa ivuma, kuthunywa abakhongi bayolobola ngaso leso sikhathi uma insizwa yenqaba, kukhishwa inkomo eyinhlawulo yokuthi insizwa yethuke intombi. Inkomo le iphelezelwa yimbuzi. Imbuzi eyokugeza intombi kanti inkomo eyokugeza ikhaya nokuxolisa kuzinyanya zekhaya. Imbuzi iyahlatshwa bese kuthathwa inyongo ithelwe entombini ukususa ishobolo lokwaliwa. Leli siko basaligcinile abaseHlabathi. Basakholelwa wukuthi intombi eyakha umuzi onesizotha yileyo ebonwe ngabazali ngoba yibo abasaxhumane kakhulu nezinyanya. Ukwaliwa kwentombi yinsizwa kuyithela ngehlazo elikhulu.

4. Isiko lokulanda imbiza ekhaya


Uma umakoti eseshadile usengumuntu wakulelo khaya andele kulo. Wenza yonke imisebenzi yakulelo khaya. Kuyenzeka ukuthi uma umakoti ethi uyokukha amanzi emfuleni, bese kuphunyuka imbiza, iphahlazeke ife. Umakoti uyaye anyenye aye kubo ukuyothatha imbiza khona ezohlawula leyo ayibulele. Akubuzwa nakubuzwa ukuthi kutheni umalokazana walibala ukubuya emfuleni. Kuvele kubonakale ukuthi kukhona okumvelele. Uma ikhaya likude uya ezihlotsheni eziseduze ukuyofuna imbiza leyo. Nokho leli siko liya ngokuncipha ngokuba izimbiza nazo azisavamile. Namanzi asakhiwa ngamabhakede.

5. Ukunikezwa kukaMakoti amasi


Uma umakoti eganile akawadli amasi engasikwanga ngokusemthethweni, bayaye bathokoze abantu basekhaya uma kufika umakoti ngoba uzogaya umcaba wokwenza amasi. Uthakaselwa-nje umakoti ngoba uzogaya umcaba omningi futhi owakhe awubi nazo izimpephe. Uzothi angaqeda ukugaya bese enikeze umnumzane noma umama omdala wekhaya yena onelungelo lokuphatha amagula asekhaya, bese kuba nguye ovubayo abaphakele bonke. Kepha umakoti osebenze kangaka akanakuthinta lutho futhi ngeke aze awadle engakanikezwa.

Umnumzane wekhaya uyaye akhiphe inkomo yensikazi. Ubiza bonke abazele, sekugaywe utshwala lapha ekhaya. Uphuma nozalo akhombe inkomo leyo athi usengisa umalokazana khona ezokwazi ukuphakela abantwana. Lokho ukwenzela ukuba akwazi naye ukuphatha amagula ngoba kukholelwa ukuthi amasi ngukudla okukhulu, okunakekelwayo ngoba izinkomo bazinikwa ngamadlozi. Esekwenzile lokho usokhaya, kuzodliwa lapha ekhaya, kuphuzwe kudliwe ukuze umakoti emukelwe ngabaphansi.

6. Isiko lokushaywa kwendlu


Kuyenzeka ngenye inkathi umakoti abelethe kalukhuni. Lokhu kwakubangwa wukuthi umakoti wabe engayi emitholampilo noma ezinyangeni ezizokwenzeka ukuthi lokho akuthwele kuze kuhlale kahle futhi kuphume kalula.

Uma sekuvela ubunzima abantu abadala bakholelwa ukuthi amadlozi akavumi mhlawumbe kukhona okuwathukuthelisile. Kuyaye kuhlatshwe imbuzi bese kusuka isalukazi esidala sasekhaya, esibaziyo abadala asebalala kulelo khaya. Sibabiza-nje sizungeza indlu leyo siyabuza ukuthi kwenzenjani umakoti angabaletha kalukhuni lapha ekhaya. Ngakho-ke bayaxolisa kubo bonke. Mabambheke, bamhlenge umakoti nomntwana ngoba usengowabo. Sizungeza indlu-nje basekhaya, sihamba sishaya ngenduku ophahleni. Sishaya ngenduku nje siyabavusa ukuba benze umsebenzi wabo.

7. Isiko lokuthelelana umlotha


Kuyenzeka ukuthi abantu abakhelene kubekhona ingxabano ethize. Lokho kwenza ukuba bangahlalisani kahle bengomakhelwane. Ngesinye isikhathi baze banukane kuze kuvele nesifo ekhaya. Akuyona inhlalo enhle neyamukelekayo kubantu bakhelene.

UMnumzane wekhaya nguye osheshe ayibone le nhlalo ukuthi ayibasi ndawo. Uzosuka lapho abhunge nomndeni wakhe awutshele ukuthi kungaba yisu elingcono ukuba abuyisane nomakhelwane ukuze bahlale ngokuthula. Emva kokubonisana nomndeni, uya enduneni ayibikele le ngwadla yokuba kuhle abuyisane nomakhelwane. Sekuphiswa utshwala lapha ekhaya usehlaba nenkomo khona kuzodliwa lapho sekubuthene ibandla. Ubiza insizwa ukuba ibuthunge ezinkambeni. Ukwenza lokhu nje nali ibandla liphelele. Usukuma kuqala uSokhaya bungakaphuzwa utshwala, abike ukuthi kuke kwavunguza umoya omubi phakathi kwakhe nomakhelwane asho embiza ngegama. Uyacela ukuba kusukela namuhla uyaxolisa kuye, ucela uxolo oluphindiwe kuhle bathelelane umlotha. Usethatha amanzi ngenkezo ewathela ezandleni zikamakhelwane ukuba ahlambe izandla, naye umakhelwane uzothela amanzi ezandleni zikaSokhaya naye ageze izandla. USokhaya usekhipha ukhamba lotshwala ulubeka phambi kukamakhelwane, bese eqala ephungula, amnikeze naye aphuze. Ngemuva kwalokho ibandla lizithokozisa ngotswala nangenyama ekhona. Sekuxolelwene. Akusekho umuntu ozokhuluma kabi ngomakhelwane.

8. Isiko lokuphosa itshe


Ukufa akuyona into ejwayelekile kubantu. Bonke abantu bayakwesaba ukufa futhi kuyahlonishwa kakhulu uma sekufikile kusuke sekufikile futhi kungevinjwe muntu.

Akulona isiko lakwaCele ukuthi uma kungcwatshwa kufanele wonke umuntu wasekhaya aphose inhlabathi yokuvalelisa kulowo osehambile. Lo mkhuba wokuphosa inhlabathi emgodini wafika nezifikanamthwalo. Kwemukelwa kakhulu ngabakholwayo.

AbakwaCele bamane bamungcwabe umuntu, bashiye izinto abakade bezisebenzisa lapho ethuneni, bahambe bonke abantu bayogeza emfuleni lapho amanzi egelezayo. Izimpahla zokusebenza ziyolandwa sekudlule izinsuku ezintathu lapho sebezigezile ngokukhipha isinyama noma ishobolo lokufa ekhaya.

Uma umuntu wasekhaya noma isihlobo salapha ekhaya sasingekho ngelanga lomngcwabo, wayefika ekuseni ekhaya lelo okushonwe khona afike akhale naye. Kuzokuthi lapho eseqede ukukhala, umnumzane noma yinhloko yekhaya usezophuma naye aye ethuneni lomufi bese ecaphuna inhlabathi noma igabade anike lowo ofikile bese eyiphonsa phezu kwethuna. UMnumzane noma inhloko izokukha amanzi ngendebe amthelele ezandleni ageze izandla ngoba lowo ozobona futhi eyisihlobo angeke aqale adle ukudla kwalapha ekhaya engakwenzanga lokho. Ngemuva kokugeza izandla bazongena endlini bese elandiswa ukuthi umufi ugule kanjani wase wadlula emhlabeni. Kufanele basho ukuthi mizamo mini abayenzile ukuhlenga impilo yakhe. Ngemuva kwalokho sekungaxoxwa ezinye izindaba.

9. Isiko lokuqonywa


Cishe ukuthi ukuqonywa kwensizwa kuthakaselwa ngumuntu wonke. Uma insizwa ingaqonywa ibizwa ngamagama anganambitheki njengokuthi “isigwadi esinobuqha”, noma “uvuka avale”. Lokhu kuqonywa kwensizwa izintombi eziningi kuyenza ibizwe ngokuthi yisoka lamanyala.

Naso isizwe sakwaCele sikukhonzile ukuqomisa nokuqonywa. Ngesiko lakwaCele amaxina aba maningi, kwaziwe isigodi sonke ukuthi intombi kaSibanibani ifunwa zinsizwa eziningi, kazi kulezi ezingaka iyokhomba yiphi.

Uma intombi isiyikhethile insizwa eyihlaba umxhwele ilungisa ucu okuyilona luyinkomba yokuthi intombi ivumile. Ngaphambi kokuba insizwa ilande ucu, iyaye imise iduku ngenhla komuzi. Iduku leli limiswa ngokuhlwa. Ngakusasa ekuseni bazobona bonke abantu ukuthi umfo kaSibanibani imvumile intombi nakhu kuphephezela inyoni emhlophe.

Izinsizwa zesigodi ziyalungiselela ukuba zilande ucu entombini leyo evumile. Ziyavunula ziconse, zihlangane nezintombi eziphelezela le ezonikeza ucu. Izintombi nezinsizwa zihlangana ngasemfuleni. Izintombi zifika ziphethe utshwala, kuzophuzwa lapho kusinwe kubemnandi kubenjeya. Kuzoduma yonke indawo ukuthi umfo kaSibanibani uqonyiwe. Nezesheli zendawo sezizoyeka nazo ukuyeshela ngoba seyivume insizwa yesigodi. Ngemuva kwamasonto amabili liyawiswa iduku.

Leli siko elihle kangaka liya lishabalala ngoba abantu sebalandela izindlela zesimanje. Izintombi zesimanje ziqoma isinyenyela. Ezindaweni zasemakhaya kubantu lisagciniwe leli siko. Inkolo nempucuko yiko kanye okwenze ukuba izinto zenziwe ngesinyenyela nangemfihlo.

10. Isiko lokusiselana


Akubona bonke abanumzane abemi kahle emakhaya abo. Abanye abanazo izinkomo noma izimbuzi. Ngenxa yokuhlalisana kahle kwabantu abanye bayaye babone ukuthi umuzi kaSibanibani awunankomo lena yokuba abantwana bondliwe ngamasi. UMnumzane uyaye akhiphe izinkomo ezimbili noma ezintathu azisisele lowo ontulayo.
Uma kwenziwa leli siko umnumzane uyaye agaye utshwala ahlabe noma imbuzi ekhaya lakhe. Kuzokuthi lapho kuphuzwayo kujatshulwa abe sebiza umfana olusayo ukuba alethe izinkomo esibayeni. Usezophuma namadoda aqonde nawo esibayeni esewabikela ukuthi kunjenje lapha ekhaya, yingoba uzosisela uSibanibani izinkomo. Uyazikhomba izinkomo lezo, azisho nemibala yazo. Ukwenza lokhu nje uyabalandisa ukuthi izinkomo lezi azithengisiwe kodwa uyamsisela zona ukuba akleze kanye nabantwana bakhe.

Zizoqhutshwa izinkomo lezo ziye kulelo khaya elisha. Zizogcinwa zinakekelwe kahle. Kuyaye kuthi lapho inkomo isizele kuyobikwa kulowo owayisisayo. Uma isizale kwaze kwaba yikathathu kuyiwa ekhaya lomnumzane owasiselwayo, sekuyokwabiwa. Kuvame ukuba abelwe inkomo yensikazi ukuze naye akhulise isibalo semfuyo yakhe. Uma enekhanda elilula zivame ukwanda izinkomo zamasiso kanti nesabelo siyakhula naso. Konke lokhu kwenziwa obala kubana kwazi wonke umuntu. Phela sekwavela umkhuba omubi wobugebengu nobuqili, into eyabe ingaziwa.

Kukhona amasiko enziwa ngamaCele afanayo nawamaZulu:

· Isiko lokuganiselana kulotsholwe intombi ngezinkomo. Izinkomo zaziba njengokufuya komnumzane zazingelona ishumi nomuvo kuphela. Nompofu wayeshaya lezo ezilingana namandla akhe.

· Isiko lokuthwala intombi iyogana umuntu noma yona yabe ingazange imqome. Kwakubikwa ukuthi uma nifuna nibobheka ngaphi.

· Umlobokazi wabe engahambi ngaseceleni labesilisa. Kufanele agweme, ahambele kude ngoba akaziwa zinyanya zalapha ekhaya.

· Ngokunjalo umakhoti akavunyelwe ukudabula izinkomo zasemzini. Bakholelwa ngokuthi izinkomo zihamba namadlozi. Ngakhoke idlozi liyabhekelwa.

· Uma umlobokazi ebulale imbiza yokukha amanzi, kufanele ayihlawule ngokuba aye kubo ayilande.

· Kukhona nesiko lokushaya indlu lapho umakhoti ebeletha kanzima. Kuphuma isalukazi sasekhaya, sibize amadlozi, sijikeleze indlu leyo, silode siyishaya ngenduku umakhoti uyakhululeka.

· Isiko lokwetha umntwana lalenziwa emva kokubelethwa komntwana. Uyise nguye owayetha umntwana womfana igama. Ngesinye isikhathi wayemetha ngoba kukhona isigigaba owake wahlangana naso empilweni yakhe. Amagama afana nalawa uMathempisi ngoba uyise waphefumulelana nempisi lapho kuzingelwa, uMandlendoda ngoba nakhu uyise wasebenza walobola unina ngamandla akhe.

· Isiko lokungcwaba umnumzane ngasesangweni lesibaya lokhu kwakukholelwa ukuthi umnumzane njengedlozi elikhulu lekhaya nguye ozohlala abheke umuzi kukho konke.

· Isiko lokuhlaba lalenziwa ngabanumzane bonke abanothile. Kwakuhlatshwa njalo ngonyaka. Uma kuzohlatshwa kugaywa utshwala okuzokuthi lapho kudliwa inyama, kube kuphuzwa. Lokho babekwenza ukuze izinyanya zibabheke kahle lapha ekhaya.

· Isiko lokweshwama lalenziwa yiwo wonke amakhosi ngaphambi kokuba kudliwe ukwindla ngumuntu wonke

· Inkosi yabe ingabekwa ingazange iphekwe, iphalaziswe ngemithi ezoyiqinisa, ibe nesithunzi. Kwakungavunyelwe abantu phaqa bangene endlini yenkosi ngaphandle kwenyanga yenkosi kanye nezinceku ezethembekile uma inkosi idunguzela.

· Inkosana yenkosi yabe ingakhululeli endaweni yakubo, kodwa yayifihlwa, ikhulele kwenye inkosi ekude eyoze ibuye lapho isizobekwa ngokusemthethweni.

· Kwakuyisiko ukuthi uma umuntu ebulele ingwe athathe isikhumba asise enkosini noma komkhulu. Isikhumba sengwe noma sengonyama sasembathwa ngamakhosi kuphela.

· Kwakuyisiko ukuthi uma umuntu wesilisa engena egcekeni lomuzi wenkosi, akhuleke athi, “Bayede!” Futhi uma ephethe induku angasimeleli ngayo phansi ngoba babekholelwa ngukuthi ugwaza amadlozi akomkhulu.

· Emzini wenkosi kubakhona indlu yesiZulu okugcinwe kuyo zonke izinto zakomkhulu njengezinkumba kanye neminye imikhonto. Kuyaye kuthi uma kuhlatshwe, inyama yonke kanye notshwala babekwa kulendlu bulale khona ukuze kuthi lapho isisetshenziswa ibe iqale yabonwa zinyanya zalapha ekhaya, khona izinto zonke zizohamba kahle.

· Uma inkosi izokweshwama yayiqala iyongena kule ndlu okwakuthiwa yikwagogo, lapho kugcinwe khona utshwala, iqale ngokuhabula utshwala ngemuva kokuba ugedla seluyiphalazise ngobulawu obunamandla, bokuqinisa, ikhothiswe, incindwe ngezinsizi ezibabayo. Kwagogo lapha kwakukholelwa ukuthi wonke amadlozi ahlangana lapha ukuze aluse avikele inkosi kanye nesizwe sayo.

· Uma kuzoba khona imbizo yakoMkhulu, kuyaye kuthi entathakusa ugedla luvuke luphethe intelezi, luzungeze umuzi wenkosi luchela ngayo intelezi ukuze kuthi labo abafika bezibhilile ngemithi yabo, ize ingasebenzi lapha komkhulu.

· Komkhulu utshwala nokudla akupheli, yingakho abantu bokuhamba babefikela komkhulu ngoba yilapho bezosinda khona.

· Isiko lokwendlalela inkosi uma ikhotheme. Kwakuthi ngelanga lelo lokufihlwa kwenkosi kubekhona amadoda athile azokwamukela isidumbu senkosi lapho itshalwayo. Enye kulawa madoda ayezophuma emgodini ngoba izobulawa igqitshwe kanye nenkosi. Leli siko alisenziwa nangawo amaZulu uqobo. Sekubakhona amaphoyisa noma amasosha azoqapha isimo.

 


Сейчас 14 гостей онлайн
Copyright © 2017 Cele. All Rights Reserved.